Detalls del llibre
Le ncwadi eyinqophamlando ngeyokuqala ngqa eyabhalwa ngesiZulu ngumbhali ongumZulu. UMagema Fuze wayibhala ekuqaleni kweminyaka ye-1900, wayishicilela ngasese ngowe-1922 ngesihloko esithi Abantu Abamnyama, Lapa Bavela Ngakona. Kule ncwadi eyisimanga, umbhali usethulela akutholile ngemvelaphi nokwehlukana kwezizwe, achaze nokuthi bazinza kanjani abantu kwelaseNatali. Ubuye abhale ngamasiko amaZulu, asitshele ngomlando wamaZulu ngezikhathi zeziphithiphithi ngekhuluminyaka leshumi nesishiyagalolunye, konke ekubuka ngeso lamaZulu ayephila ngaleso sikhathi. Kulo mlando welaseNatali, uFuze ubuye adidiyele ukubhala kukaMbhishobhi Colenso uFuze abuye aphawule ngendlela okubekwe ngayo. Okubuye kwayicebisa kakhulu le ncwadi yisandulela esibhalwe nguHlonipha Mokoena esiphawula ngokujulile ngezimo zezikhathi zakudala ezazinezinselelo. Abantu Abamnyama umthombo ohamba wodwa nje ongaba yigugu kubafundi abafuna ulwazi ngomlando wamaZulu nendlela okwakuphilwa ngayo ngezikhathi zawoShaka. Lo msebenzi uyimpendulo kubantu abahlale bebuza ukuthi ? ?Kodwa abantu abamnyama bavelaphi?--Back cover.
Llegir més - Autor/a Magema M. Fuze
- ISBN13 9781869144838
- ISBN10 186914483X
- Pàgines 170
- Any Edició 2026
- Fecha de publicación 17/05/2026
Ressenyes i valoracions
Abantu Abamnyama Lapa Bavela Ngakona
- De
- Magema M. Fuze
- 9781869144838



